- Ebooks
- Livres Audio
- Liseuses
Mayelana noSiyanda Ngema
USiyanda Ngema wazalwa mhla ziyi-07 kuNhlangulana 1990, ezalelwa esibhedlela saseMdlovane (eGreytown Hospital). Wakhuliswa nguninakhulu owateta unina, endaweni yakwaHlomendlini, emakhaya. Waqala imfundo esemabangeni aphansi eRamlakan Primary School, okuyilapho afunda khona wabe esedlulela esikoleni sasoDumo, isikole samabanga aphezulu. ODumo yilapho afunda khona waze waphothula izifundo zakhe zikamatikuletsheni, ngo-2009.
Indaba siyixoxelwa ngumfana omncane obizwa ngoSipho. Umfana lona wasuka nonina eMnambithi weza kwaDukuza emva kokuba unina ethole umsebenzi enkantolo yakwaDukuza. Umfana wayezama ukuba axhumane nonina kanye nomngani wakhe oyisihlobo sakhe. Kodwa ifuzela likaphindile lalikubhuntshisa lokho. UPhindile ungudadewabo omdala kaZamu, uZamu ongunina kaSopho. UPhindile lona wayengumuntu okukhonzile ukukhuluma, futhi ekhulumela phezulu. Wayesebenzisa onke amathuba awatholayo ukuba akhiphe umnewabo etilongweni. Yingakho waze wacela amalungu aqavile esonto ukuba akhulume noZamu enze imizamo yokuba kukhululwe umnewabo. Igama likamnewabo kwabe kunguNceku. Isigebengu esaziwayo sezigigaba ezinyantisa igazi. Futhi kwakucaca ukuba akekho noyedwa ozimisele ukuba azihlanganise noNceku. UPhindile ngokuba yiqhalaqhala wayelokhu ekhwezela udadewabo ukuba asukumele indaba kamnewabo obhadle etilongweni. UZamu Wagcina ngokuyenza imizamo yokumkhipha, yize noma wayemanqika ngoba azi ukuthi angeke kube lula aphumelele kulokho. Ngampela akaze aphumelela. Kodwa kuthe ngehlandla lesibili waphumelela. Lokho kwenziwa yikho ukuthi babemazi, futhi babemethemba. Nakhu uPhindile usethi uNceku akahlale nodadewabo. Akwehlanga kahle lokho kuZamu. Nakusipho akwehlanga kahle, wayekuthola kumadolonzima ukuba ajwayelane noninalume. Wabe emzonda nomamekazi wakhe uSipho ngoba enesikhwele sokuba umbangisa kunina, yena engabe esasithola isikhathi sokuba nonina. USipho wambona zibekwa amadaka uninalume ukuba kunogcobho. Lapho wayembona ede ebuka uNandi oyintombazana enhle ngokwehlula. Busuku bumbe uSipho engalele wabona uNceku elunguza uNandi ngehlomela. Kwamethusa lokho uSipho. Waqhubeka wambheka uninalume, wabona izenzo ezikhexisa umlomo.
Titre : Uphahla Lwezimanga
EAN : 9798223383536
Éditeur : Siyanda Ngema
L'eBook Uphahla Lwezimanga est au format ePub
Vous souhaitez lire sur une liseuse d'une autre marque. Découvrez notre guide.
Il est possible qu’il ne soit pas disponible à la vente dans votre pays, mais exclusivement réservé à la vente depuis un compte domicilié en France.
Si la redirection ne se fait pas automatiquement, cliquez sur ce lien.
Se connecter
Mon compte