Explore 1.5M+ audiobooks & ebooks free for 30 days

From $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Uphahla Lwezimanga
Uphahla Lwezimanga
Uphahla Lwezimanga
Ebook211 pages2 hours

Uphahla Lwezimanga

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

Indaba siyixoxelwa ngumfana omncane obizwa ngoSipho. Umfana lona wasuka nonina eMnambithi weza kwaDukuza emva kokuba unina ethole umsebenzi enkantolo yakwaDukuza. Umfana wayezama ukuba axhumane nonina kanye nomngani wakhe oyisihlobo sakhe. Kodwa ifuzela likaphindile lalikubhuntshisa lokho. UPhindile ungudadewabo omdala kaZamu, uZamu ongunina kaSopho. UPhindile lona wayengumuntu okukhonzile ukukhuluma, futhi ekhulumela phezulu. Wayesebenzisa onke amathuba awatholayo ukuba akhiphe umnewabo etilongweni. Yingakho waze wacela amalungu aqavile esonto ukuba akhulume noZamu enze imizamo yokuba kukhululwe umnewabo. Igama likamnewabo kwabe kunguNceku. Isigebengu esaziwayo sezigigaba ezinyantisa igazi. Futhi kwakucaca ukuba akekho noyedwa ozimisele ukuba azihlanganise noNceku. UPhindile ngokuba yiqhalaqhala wayelokhu ekhwezela udadewabo ukuba asukumele indaba kamnewabo obhadle etilongweni. UZamu Wagcina ngokuyenza imizamo yokumkhipha, yize noma wayemanqika ngoba azi ukuthi angeke kube lula aphumelele kulokho. Ngampela akaze aphumelela. Kodwa kuthe ngehlandla lesibili waphumelela. Lokho kwenziwa yikho ukuthi babemazi, futhi babemethemba. Nakhu uPhindile usethi uNceku akahlale nodadewabo. Akwehlanga kahle lokho kuZamu. Nakusipho akwehlanga kahle, wayekuthola kumadolonzima ukuba ajwayelane noninalume. Wabe emzonda nomamekazi wakhe uSipho ngoba enesikhwele sokuba umbangisa kunina, yena engabe esasithola isikhathi sokuba nonina. USipho wambona zibekwa amadaka uninalume ukuba kunogcobho. Lapho wayembona ede ebuka uNandi oyintombazana enhle ngokwehlula. Busuku bumbe uSipho engalele wabona uNceku elunguza uNandi ngehlomela. Kwamethusa lokho uSipho. Waqhubeka wambheka uninalume, wabona izenzo ezikhexisa umlomo.

LanguageZulu
PublisherSiyanda Ngema
Release dateAug 21, 2023
ISBN9798223383536
Uphahla Lwezimanga
Read preview
Author

Siyanda Ngema

Mayelana noSiyanda Ngema USiyanda Ngema wazalwa mhla ziyi-07 kuNhlangulana 1990, ezalelwa esibhedlela saseMdlovane (eGreytown Hospital). Wakhuliswa nguninakhulu owateta unina, endaweni yakwaHlomendlini, emakhaya. Waqala imfundo esemabangeni aphansi eRamlakan Primary School, okuyilapho afunda khona wabe esedlulela esikoleni sasoDumo, isikole samabanga aphezulu. ODumo yilapho afunda khona waze waphothula izifundo zakhe zikamatikuletsheni, ngo-2009.

Read more from Siyanda Ngema

Related to Uphahla Lwezimanga

Related categories

Reviews for Uphahla Lwezimanga

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Uphahla Lwezimanga - Siyanda Ngema

    Isahluko 1

    Impilo yasedolobheni elifana noDukuza ngase ngiyijwayele. Yize noma inyanga yayingakapheli ngifikile kule ndawo, kodwa ukuzwana kwami noNandi kwangenza ngazazi ngokushesha izinto. Ngangihamba naye uma ngimphelekezele eya ezitolo. Uyena muntu owayenesineke. Ehamba engitshela konke ngoDukuza. Kwakumnandi kakhulu, ngesikhathi ngisanda kufika kwaDukuza. Ngangingazi ukuthi ngiyoke ngikwazi ukuhlukanisa le ndawo. Ngangingazi ukuthi ngizokwazi ukuzihambela ngedwa uma kukhona la engiya khona. Kodwa kamuva nje ngikwazile ukuhamba izolo ngenkathi ngibuya esikoleni, ngibuye ngedwa, ngafika ngiphephile. Ngiyakwazi manje ukuwela umgwaqo. Ngiyazi ukuthi kumele ngiqalaze kathathu kandukuba ngiwele. Ungifundisile uNandi.

    Ngimgagula ngebizo uNandi nje, yingoba wanginika inkululeko yokwenza lokho. Wathi angombiza ngegama lakhe lapho ngibhala indaba ngaye. Hhayi ukuthi angimhloniphi, ngimhlonipha kabi! Umamekazi wayefuna ukungithuma esitolo, wangalela umame ukuthi ngiye esitolo ethi ngisemncane. Ngike ngibabone abafana abalingana nami nabanye abancane ukunami bezihambela nje edolobheni. Mina ngingahlulwa yini?

    Umamekazi ngambona ebuya nomcengezi wafike wawubeka phezu komphandekwana omncane ophambi kwami. Umame naye wayephethe ujeke wengilazi owawunejusi. Naye wafike wakubeka phezu komphandeko lokhu akuphethe. Bahlala phansi.

    Asidle Sipho! Kwakusho umame. Umame wayethanda ukuthi uma kukhona umuntu okhona bese ekhulumela phezulu uma ekhuluma nami. Ngangingayithandi into ayeyenza. Ngathatha isinqumo sokuthi uma esehambile umamekazi ngizosala ngikhulume naye umame. Sikhulume ngale nto angenza yona. Sadla amakhekheba ayebhakiwe. Umamekazi wangitshela ukuthi uyena obewabhaka.

    "Nkosi yami ave enesizungu uboy, kwakubeka umamekazi. Kufanele avakashe uZamo uma sekuvalwe izikole ukuze uSipho akwazi ukuhlala nomuntu, angabi nesizungu."

    Hhayi akanalutho umntanami, kubeka umame. Wayemuhle ekungikhulumeleni. Ngisho entweni engangizoziphendulela kuyona. Nakho lokho nganquma ukuthi uma esehambile umamekazi ngizoxoxa naye uMa ngakho.

    Manje usho ukuthi umntanami angezi la emzini wakho?

    Angisho kanjalo, umshana wami angeza azovakasha kodwa hhayi ukuthi uvakasha nje yingoba uSipho enesizungu, uSipho akabi naso isizungu.

    Kahle wena!

    Wavele wangihlekisa uma ngimuzwa ekhuluma leyo nkulumo, kodwa angizange ngatshengisa ukuthi ngiyahleka ngoba ngiyazi ukuthi umame wayengeke akuthanda lokho. Kulungile-ke Zamu, ngiyakuzwa, kwakubeka umamekazi. "Well, kuhamba kanjani-ke emsebenzini?"

    Kuhamba kahle kakhulu, uyazi bengingazi ukuthi kuzoba lula kanje.

    Ngiyakwazi wena mntakama, uzihlakaniphele nje, kuqhuba umamekazi. Umamekazi wayelokhu engigqugquzela ukuthi ngidle ukudla.

    Mntakama, into engiphethe kabi yile yokubhadla kukaNceku etilongweni, wakhuluma lokho umamekazi waphefumulela phezulu, ngambona nasebusweni engabi muhle.

    Awu, ujezela izono zakhe angithi? wayekhuluma kanjalo umame ebe exegisa ibhande lengubo yakhe esiswini, okusho ukuthi lase limnswinya ngoba nakhu wayedla eqinisa emakhekhebeni. Kufanele, ayemnandi bo!

    Ungakhuluma kanjani kanje kodwa Zamu ngomnewethu?

    Cha, phela dade kumele silikhulume iqiniso angithi.

    Yigazi lakwethu leli...

    Ngiyakuzwa lokho, angithi yena wa... wa... wenzani konje wabulala umuntu angithi?

    Wabulala inkosikazi yakhe, wayiqaqa isisu ngesikelo kusukela la, ekhomba umamekazi, kwadlula la enkabeni kwaze kwafika la esifubeni, maqede wayihudula wayoyifaka emfuleni ohambayo ebusuku. Nakhu-ke eba neshwa umntakababa yangamuka namanzi. Yaze yabonwa izingane ezazidlala ngasemfuleni iMbozamo, zawuhlaba zawulawula. Umame wayesebheke phansi eseswace ubuso. Nami ayingiphathanga kahle leyo ndaba. Umamekazi uyazikhinininda nje, akanendaba nami. Kwaze kwakhuza umame wathi: Awuyiyeke manje le nto yakho Phindile uthusa ingane. Kwake kwathuleka isikhashana esifushane.

    Engizama ukukusho la wena dadewethu ukuthi, njengoba nje wena ususebenza ngapha kumele sisebenzisane ngokubambisana ngezindaba zasekhaya. Wathula umamekazi emva kwaleyo nkulumo. Wathula nomame.

    Njengoba wena usebenza enkantolo nje Zamu, kusho ukuthi sekuyoba lula ukuthi sikhiphe umfowethu. Anyakaze umame, aze aqwebule amehlo ebheke umamekazi. Aphinde abheke kwenye indawo umame, kube sengathi uyacabanga.

    Wena njengomuntu ongummeli angiboni ukuthi sekungaba nzima ukuthi uyisebenze le nto, kwakuqhuba umamekazi ekhuluma ngezwi lokuncenga. Umame wayala indaba yokuthi azame imizamo yokuthi akhiphe umnewabo. Umamekazi wazibeka izizathu ezenza ukuthi acele umame ukuthi asebenze udaba lukaNceku. Kodwa umame wala waphetha wathi yena akathandi ukuphazamiseka emsebenzini wakhe.

    Zamu le yinkosana yakwethu. Nguye nguye, asinaye omunye umfowethu. Lo muntu kumele avuse umuzi kababa uyakwazi lokho. Uma sizomyeka ahlale le minyaka agwetshwa yona, ngeke akwazi ukuvusa umuzi kababa, kubeka umamekazi. Athule umame kube sengathi akayizwanga inkulumo kamamekazi. Aphulule amadolo ngezandla zakhe. Athule.

    Kungcono sizame dadewethu kunokuba sihlale sisonge izandla, kuqhuba umamekazi.

    Dade akusiwo onke amacala angakwazi ukukhulula umuntu, ziningi izinto ezibhekwayo kandukuba adedelwe umuntu, kubeka umame eswacile ebusweni. Okokuqala nje, ngisanda kuqashwa kule nkantolo yala. Uma ngizothi ngifika bese mina ngenza into enje, angiboni ukuthi kuzoba yinto...

    WeZamu, usho ukuthi wena awuthandi ukusiza umnewethu? Athule umame. Mina ngilokhu ngibabuka nje. Ngithule du, ngiphefumulela phansi. Lo muntu okwakukhulunywa ngaye angimazi. Ngathuka ngizwa ukuthi kunomuntu ongumfowabo kamame. Nakho lokhu ukuthi umame unodadewabo kwangithusa. Wayengakaze axoxe ngabo, ngangibaqabuka nje. Njengoba bewuchaza icala elinje dadewethu! Abuke umamekazi umame, esebambelele ngezandla kusofa. Aswace ubuso abheke le umame. Umamekazi wayishintsha indaba wathi abayeke ukukhuluma ngayo ngoba ayibayisi ndawo. Umame waqala waswabuluka ebusweni. Okusho ukuthi wayengayizwa kahle indaba yokuthi enze lo msebenzi ayethunywa wona ngudadewabo. Kwamina angikuthandanga lokhu okwakushiwo umamekazi. Ngangimbona enjengomuntu ozophazamisa umame esazisebenzela kahle. Nami ngajabula ngesikhathi umamekazi eseyishintshile inkulumo.

    Ubaba uyaziqhenya ngawe la ekhona. Wahamba ezinyathelweni zakhe njengoba yena wayeyiphoyisa nje, eyiphoyisa elisezingeni eliphezulu, ephethe amaphoyisa ala kwaDukuza, kubeka umamekazi.

    Ngangivele ngikuthanda ukuba ummeli, kubeka umame.

    Kusasa siya esontweni...

    Indaba ayesekuyona yindaba yesonto, wayebelesela ngokuthi kuzomele siye esontweni kusasa. Mina ngangimbona enjengomuntu ozodala inyakanyaka ekhaya. Nguyena osesho ukuthi kufanele ukuthi senzeni!

    Mfana thatha la uhambe uyobeka ngale, kusho umamekazi engibuka. Ngisukume ngiwuthathe umcengezi onamakhekheba, ngihambe ngiye nawo ekhishini. Angibange ngisabuyela egunjini elalihlezi omame. Ngavele ngahlala ekhishini. Ngangingasafuni ukuhlala nomamekazi, ungenza ngizizwe nginesizungu esibi ngoba usithatha sonke isikhala sikamame. Selokhu efikile unamathele kumame, ukhuluma lokhu nalokhuya, indaba yami nje akayingeni ngaphandle uma ezolokhu engidabukela. Okokuqala mina angifune kudatshukelwa. Indlela ayenza ngayo umamekazi yayingahambisani nami. Kodwa yayingekho into engangingayenza. Ngahlala ekhishini ngathula. Isikhathi sikamame ngase ngingasasitholi, babelokhu bexoxile nje. Indaba yami babengayinaki. Konke lokhu njalo kwadalwa ukufika kukamamekazi. Kuthe ngisakedamisile ekhishini sengize ngahlala phansi ngagobodisa ikhanda, ngancikisa isiphongo emphandekweni, ngezwa izwi likaNandi selikhuluma ngale egunjini elinosofa. Ngasukuma esihlalweni engangihlezi kusona. Ngasukuma ngavela egunjini elinosofa, ngambona uNandi. Inhliziyo yami yathi kla ngimbona emi laphayana engasemnyango ekhuluma noMa kanye nomamekazi.

    ...O, kuhle-ke, kwakusho umame.

    "Okay" kwakuphendula uNandi. Wabashiya weza nganeno. Egqoke ibhulukwe likadangala elibuhlaza nesikibha esimnyama.

    Sawubona Sipho. Wangibingelela wangidlula. Uyena muntu owayekwazi ukubiza igama lami njengoba linjalo. Nomame wayelibiza kahle igama lami, kodwa abanye abantu babengakwazi ukubiza igama lami ngendlela okuyiyo. Ngaphendula ikhanda ngambuka uNandi, eya laphaya emakhabetheni, wadlula khona wayokuma ngalapho kunompompi khona. Waphenduka wangibuka, izingalo wazigoqela esifubeni. Ngamoyizela ngawasusa amehlo kuyena. Ngabheka koMa laphayana buqamama. Ngezwa sekuhoza amanzi emva kwami. Ngiyabona uNandi wayesekha amanzi. Ilanga lalishisa bhe.

    Kodwa dadewethu, ingiphatha kabi le nto kamfowethu, kukhuluma umamekazi.

    Hhayi, ngiyeke ngaleyo ndaba, angifune nakuyizwa, kuchitha umame. Ngavele ngahleka ngedwa.

    Yona le ntombazane evele ingene igulukudela layindlini ingeyaphi? Kubuza umamekazi. Ngathula ngalalelisisa ngizwa lowo mbuzo ubuzwa umamekazi, ngalalela ukuthi umame uzophendula athini. Ngathula ngalalela. Ngaphefumulela phezulu, ngifuna ukuzwa impendulo. Ngezwa uNandi ecula emva kwami. Ngaphendula ikhanda ngabheka uNandi. Wayesehlezi phansi, wayesebhekene nocingo lwakhe. Kwangiphazamisa lokho kucula kwakhe uNandi. Ngaliphendula ikhanda ngabheka komame, ngabathola bethule.

    Ngangingenaso isiqiniseko sokuthi ngabe uma usewuphendulile yini umbuzo obubuzwe ngumamekazi. Ngalinda ngalinda ngabona ukuthi abakhulumi. Ngavele ngafikelwa ukuthi ngiwuphendule lo mbuzo. Ngempela ngasondela ngakubona ngase ngithi: Sidabuka kukhokho oyedwa sinoNandi...

    WeSipho! Ungena kephi kule ndaba? Kubuza umame ngolaka. Lwangishaya uvalo. Ngazwela ukushisa okumandla. Ngabona uNandi eqhamuka emva kwami. Ngiyabona ukuthi wasukunyiswa ukuzwa izwi likaMa lisholo phezulu ngesikhathi enginqanda ngithi ngiphendula umbuzo kamamekazi.

    Uma usuhamba Nandi uhambe naye lo, ekhomba mina umame, uyahlupha uphendula into engabuzwanga.

    Lawo mazwi awazange angilimaze. Ngiyabona mhlawumbe kwakwenziwa ukuthi ngabe ngimthanda uNandi, ngabe ngimthanda njengaye umame. Saphuma sahamba-ke saya endlini kaNandi. Ilanga emnyango lalishisa bhe. Wafike wangivulela umabonakude. Mina ngabe sengihlala kosofa ngenkathi yena eya ekhishini eyopheka. Ngahlala kuNandi kwaze kwashona ilanga. Wangiphelekezela sengiya ekhaya. Ngafika umamekazi esehambile. Umame wayesengiphakele, kodwa angikudlanga lokho kudla ngoba ngase ngisuthi ngidle la engiphuma khona. Ngalungiselela ukulala, ngalala.

    Isahluko 2

    Ekuseni ngezwa ngomame engivusa, kwangithusa lokho kungivusa ngoba phela kwabe kuyiSonto. Ngangingeke ngiye esikoleni. Kodwa la ethi angivuke ngigeze ukuze siye esontweni yila engaqala ngaqonda khona ukuthi ungivuselani. Ngasuka embhedeni, ngazamula ngahamba ngaya egunjini elinosofa. Ngabona uNandi ekulo muzi ahlala kuwona. Ngambona, wayegqoke izingubo zokusubatha. Ngambona egijima eyophuma ngesango, walivala isango ngambona esehamba ngomqwaqo obheke eNingizimu yezwe. Izinwele zakhe wayezibophe igoda esiphundu njengenhlalayenza.

    Ngahamba ngayogeza, engaze angithethise umame. Ngafika esengifakele amanzi kubhavu. Amanzi ayeselinde mina. Ngangena kubhavu onamanzi ngageza. Ngisageza ngabona ngaye umama evula isicabha engibuka, wathi: Sheshisa Sipho, angazi ukuthi kungenwa ngasikhathi sini la esiya khona.

    Kanti siyaphi Ma? kubuza mina.

    Siya esontweni nje mntanami.

    Yiliphi lelo sonto?

    Angazi sobona phambili, washo lokho wavala isicabha. Ngasala ngingquluze amehlo. Ngavele ngaphelelwa umdlandla uma ngicabanga le nto eyayishiwo nguMa. Ngabuye ngafikelwa umcabango ngomamekazi. Cishe nguye lo ohlohle umame ngendaba yokuya esontweni. Ngangingeke ngingayi ngoba wayengeke akuvume lokho umame. Ngageza ngaqeda. Ngaphuma kubhavu, ngaya ekamelweni likaMa. Ngafica izingubo engangizozigqoka sezingilindile.

    Gqoka! Kubeka umame. Ngagqoka. Ekuqedeni kwami ukugqoka saphumela ngale kwelinye igumbi, egunjini elinosofa. Umame waqalaza yonke indawo. Ngiyabona wayebheka ukuthi ngabe konke kumi kahle yini kandukuba sihambe. Ngalesi sikhathi esaqalaza mina ngangifuna ukukhuluma naye, kodwa ngangingakamazisi ukuthi ngifuna ukukhuluma naye. Ngangifuna ukukhuluma naye mayelana nale ndaba yakhe yokuthi akhulumele phezulu uma ekhuluma nami. Ngangingazi ukuthi ngizomqala ngaphi, njengoba wayetatazela nje.

    Ma, ngimbiza. Wangiziba. Into eyenza ngithi wayengiziba ukuthi wayengekude ngesikhathi ngimmemeza. Wayelapha. Kodwa ngaphinde ngammemeza okwesibili, Ma! Waphinde wangiziba okwesibili. Ngamane ngabona ukuthi uyangiziba ngempela, ngamane ngathula. Wangibamba ngesandla wayophuma nami ngomnyango. Njengoba wayengibamba nje, yiyo into engangifuna ukumtshela ngayo ukuthi angayenzi ngoba ngiyakwazi ukuzenzela ngokwami. Ngangizomtshela ukuthi akangitshele kahle izinto angamemezi uma ekhuluma nami. Futhi uma ethi asambe angavele angidonse. Ngangingayiqondi kahle le nto ayeyenza. Yayingangiphathi kahle. Ngesikhathi ubaba esaphila angikhumbuli enza kanje, yize noma ngabe ngimncane kunalokhu engiyikhona, kodwa angikhumbuli enza le nto. Ngalesiya sikhathi ngisewumfanyana ngangingaqondi ngempela ukuthi ukwenzelani lokhu ayekwenza. Wahluthulela isicabha sendlu. Sahamba sayophuma ngesango. Waqalaza endlini kaNandi.

    UNandi akekho uhambile. Uphume wabheka le, ngisho ngikhomba ngomunwe.

    Okusho ukuthi uyagijima umntakaNtuli, kujobelela umame.

    Amabombo sawabhekisa esontweni, ngangingalazi kwakulazi lelo sonto. Sahamba saze sayofika. Kwakuyibhilidi elalinezakhiwo ezimbili, esisondwa ngaphansi esinye ngaphezulu. Ngaphansi kwakuyisonto. Safika basemukela. Owesilisa wayemi phambi komnyango elokhu exhawula abantu abangenayo. Sasondela nathi. Waqala waxhawula umame. Wadlulela kimina, wangixhawula, ebe emamatheka umlisa lo, egqoke kahle, isudu emnyama. Sangena ngaphakathi esakhiweni sesonto, basikhombisa la okufanele sihlale khona. Sahamba sayohlala phansi. Kukhona owaqala iculo, lo owayephambili, ephethe umbhobho ngesandla, acula ngawo. Inkonzo yaba mnandi. Kanti nentshumayelo kamfundisi yayimnandi. Yize noma inqubo yangapha kwaDukuza ingafani nale okwenziwa ngayo eMnambithi kodwa akukho engakuxwaya mina. Nakhu phela ngangikuthanda ukukhonza. Yinto nje engavela yenziwa ekhaya.

    Indaba yonakala sesibona umamekazi. Yathi nje isiphelile inkonzo sesilungiselela ukuhamba wavele waqhamuka umamekazi. Wafike wasibingelela. Wangagxila kimina wakhuluma noMa. Wafike wazisa umame ukuthi kunomuntu afuna ukuthi ambone. Avume umame. Sahamba samlandela umamekazi.

    Noma lo engasala nezinye izingane uzobuye umthathe uma senihamba, kubeka umamekazi. Ngangivele ngazi ikuthi uzokusho kanjalo. Umame wakwala lokho, wathi akanankinga uma ngizoba seduze kwakhe.

    Hawu O! Ufuna ingane ilokhu iyisinana emva kwakho. Uyazi wena le ngane awufuni iqaqeke ibone nabangani abasha la. Wala umame noma esesho

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 11